Thursday, May 7, 2020

Proof Yokuthi uQuality Biyela Akanamali?


Abantu bahleze bezibuza umbuzo owodwa wokuthi Quality biyela withathaphi imali, Unayo ngampela yini imali?

Quality biyela insizwa edume kakhulu lapha emculweni ka Maskandi hhayi ngoba ingumculi kodwa ngenxa yobugcokama, umuntu owaziyo ukotini, Lwazi indwangu, nowazi Izindawo eziphezulu. Ujwayele uku posta ama video ama ninga ezinkundleni zokuxhumana a chaza abantu abaningi atrendayo.

Enye Yama video ake a trenda kakhulu Ile obekade eyenze nomculi we hip hop u Big Zulu ngesikhathi benza Instagram live video. Badidekile abantu abaningi banemibuzo ngesikhathi uquality evela engekho estezi lesi ajwayele ukuth uhlala kuso. Bekuvela sengathi usendlini ewu 1 room, uhleli nje embhedeni ongekho esimeni esihle. Kanti futhi kulendlu kunekwe ama underwear endlini ulele khona, kune fridge kuphinde kuphekwe khona.

Abanye abantu bagxeke uBig Zulu ukuthi yingani engayivalanva le video Uma ebona ukuthi kuvela izinto ezingekho zinhle, abanye bathi abayibonanga inkinga.

Maningi amahemezi asuswe iyona le video abanye bese behamba beyomhleka ekhasini lakhe lika Facebook bemtshela ukuthi yingani ephila impilo eyi fake njengoba abanye becabanga ukuthi ngampela ukuthi uhlala kuyo lendlu.

Ube esenza Enye I video ku Facebook wakhe echaza kabanzi ukuthi lendawo ebekade ekuyo akusiyona indawo ahlala kuyona, bekuyi hostela futhi ubeyofuna into yokudla. Uphinde wachaza futhi Uma yena enza lam video etshengisa izinto azigqokile noma izinto azidlayo hhayi ngoba esuke efuna ukuchoma kubantu kodwa usuke efuna ukuba qhuqhumezela ukuthi Uma usuke usebenza ngampela uyagcina ufikile lapha akhona.
Kanti ke Uma ukhumbula kahle phambilini useke waphumela obala echaza khona ukuthi useke wahlala hostala kodwa ethe ese thola imali ethe xaxa wabe esephuma eyo rent ezindaweni eziphezulu.

No comments:

Post a Comment